Bakhathazwa Ukufa Kwabantu EHostela

0

KUYAQHUBEKA ukuchitheka kwegazi ehostela iGlebelands eMlazi osekushone inqwaba yabantu abahlala khona kanti kamuva kudutshulwe abahlali ababili kwashona oyedwa esontweni elilodwa.

Izolo uCaptain Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uthe kudutshulwe uNksz Thandiwe Ntobela (41) ongumgcinimafa we-ANC ku-ward 76 ngoMgqibelo.

Kubulawa uNksz Ntobela nje ngoLwesihlanu ekuseni kutholakale isidumbu sikaMnuz Thothenhle Shinga (39).

UZwane uthe bobabili badutshulwe ngabantu abangaziwa.

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala nelokubulala futhi akekho osaboshiwe mayelana nalezi zigameko.

Uqhube wathi akhona amaphoyisa atshalwe ehostela ukuqapha isimo kusukela kuqale ukubulawa kwabantu.

Kusolakala ukuthi bangaphezu kuka-14 abantu asebebulewe ehostela kusukela kusuke uthuthuva ekuqaleni kwalo nyaka.

UMnuz Bongani Mthembu okhulumela osihlalo baleli hostela, owadutshulwa ngenyanga edlule ngamadoda angaziwa, uthe isimo simanzonzo.

Isolezwe like labika ngezinxushunxushu esezixove ihostela okuthiwa zisuka ekudayisweni kwemibhede namagumbi okulala.

Umhlali wehostela ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa ngoba esaba ukwenzakaliswa uthe inkinga isekudayisweni kwemibhede nasekukhishweni kwabantu ezindlini zabo.

“Uma kufika umuntu kusihlalo wesitezi ethi unemali ethile ufuna indlu usihlalo uzama icebo lokukhipha omunye endlini ukuze afake lowo muntu. Kokunye abantu bayakipitiswa. Uma kukhona othandana naye ehostela uhlaliswa naye ngenkani ukuze kufakwe umuntu endlini yakho. Yizo zonke izinto ezenzeka lapha abantu abangazithandi nezigcine ziholele ekutheni isimo sibe nje,” kusho umhlali.

Uphinde wathi kunabantu abakhokhisa abahlali ngenkani imali engu-R50 ngenyanga abathi yimali yokubavikela njengoba kuneziwombe zokudutshulwa nokubulawa kwabantu.

UMthembu uthe abasola abanye ngokudayisa imibhede kufanele bababike emaphoyiseni bangazibulaleli abantu noma babaxoshe.

Uphinde wathi ihostela limaqembu-qembu njengoba kunelinye iqembu elingabafuni osihlalo bezitezi elifuna basuswe ezikhundleni zabo.

“Lesi simo sokubulawa kwabantu angisiboni sizofinyelela ekupheleni ngaphandle kokuthi kuhlalwe phansi kuxoxwe. Lezi zigameko sezihambisana nobugebengu ngoba abantu sebevele badutshulwe noma babulawe kodwa kungacaci ukuthi bangena kanjani ezindabeni zokudayiswa kwemibhede nazo zonke lezi zinto ezikhulunywayo,” kusho uMthembu.

Uthe kufanele abasola abantu ngokudayisa imibhede bababike emaphoyiseni bangadubuli noma babulale abantu.

UNgqongqoshe wezokuPhepha uMnuz Willies Mchunu usezwakalise ukukhathazeka ngokuqhubeka kwezigameko zodlame eGlebelands.

“Njengohulumeni siphazamiseke kakhulu ngezigameko zodlame ehostela iGleblands. Sekutshalwe amaphoyisa angeziwe kodwa laba abahlalise abahlali lubhojozi basaqhubeka nokuhlasela abantu emaphaseji,” kusho uMchunu.

Uthe amathimba omnyango wabo akuleli hostela ukuzama ukusungula ithimba elizobhunga ngezinkinga zodlame ehostela.

Unxuse umphakathi osehostela ukuthi uzibandakanye kulezi zingxoxo.

 

 

Share.

About Author

Leave A Reply